ISONTO LESHUMINESIKHOMBISA LENKATHI YONYAKA –B

ISONTO LESHUMINESIKHOMBISA LENKATHI YONYAKA –B

JOHANE 6: 1 – 15

Ukufunda iVangeli lakho ngomqondo ovulekile kusenza sibone ngale, kuphele nongabazane lokuthi wena Jesu awuzelanga nje kuphela ukusinika impilo entsha, kodwa amandla amasha okuphila nokusebenza emhlabeni. Siyakubonga Baba oCwebileyo ngesipho esiyizwi lakho. Sengathi lingaba ngukukhanya kwezinyawo zethu, likhanyise indlela , ukwenama kwenhliziyo, lisimamise impilo yethu. Amen

Kulamasonto alandelayo amahlanu sizobe sizindla ngevangeli likaJohanisi okuyisahluko sesithupha. Ivangeli-ke namuhla lisilandisa ngendaba yokwandiswa kwezinkwa eziyingcosana kkwasutha inqwba yabantu. Lendaba uzothola ukuthi iphindaphindekile kubavangeli bonke okungacishe kube ivela izikhathi eziyisithupha sebehlanganisiwe abavangeli. Kusobala-ke ukuthi yabe ibaluleke kakhulu uma ivela kaningi kangaka emphakathini wamakholwa ngaleso sikhathi. Ake sithi sifunda, sizindla, sikhuleka  ngalelivangeli sibe sizama ukuthola ukuthi yini lena eyabe ibaluleke kangaka kokhokho bethu okholweni ngalendaba.

Ngaleso sikhathi uJesu wasuka wawelela ngaphesheya kolwandle lwaseGalile okungolwase Thiberiya…

Lapha kubalulwa izindawo ezimbili. Okokuqala kuse Galile okuyindawo yamaJuda eyesibili ebalwayo yindawo yabezizwe okuyi Thibheriya. Kusobala-ke ukuthi kunezinhlobo ezimbili zabantu ezilandela uJesu. Yilaba ahamba nabo okusobalake ukuthi iningi labo ngamaJuda bese kuba yilaba abafice ngaphesheya nabo okucacayo ukuthi iningi labo akusiwo amaJuda kodwa ngabezizwe.

UJesu wakhuphukela entabeni. Ukunyukela entabeni kusho ukuba sebukhoneni bukaNkulunkulu – ukungena emkhulekweni. Lomoya womkhuleko uqiniswa ngamazwi athi “wahlala phansi” lapho efundisa. Lapha siyaqapheliswa ukuthi uJesu manje usezokwethula imfundiso ebalulekile kakhulu. Lemiphakathi emibili yabantu ayidlelani, sizokhumbula phela ukuthi amaJuda kanye nalabo abangesiwo amaJuda akudlelwana. Laba bantu babengenako ukuhlala ndawonye, angisayiphathi eyokudla ndawonye. Yayingabhekani. Kusobalake lapha ukuthi okubaluleke kakhulu kulomphakathi ngukubuyisana nokuhlalisana ngokuthula kungekho ukucwasana. Yilowo nalowo bekufanele abonakale esuka ekucabangeni ukuthi ungcono kunomunye, kumbe ungcolile, kumbe akawufanele umbuso kaNkulunkulu.

Yebo ubandlululo selwaphela kudala lapha ezweni lethu, sesiphila ndawonye. Noma kunjalo iqiniso lihle sisaqhubeka nokubandlululana. Emakhaya ethu imindeni yahlukene, imishado iyabhidlika, izinkulumo ezinohlevana lobuhlanga, ukubandlululana ngokwemihlangano esiyingenile, yindlela esivatha ngayo isenza sinikake amagama angemahle, nokunye okuningi esingakubala, konke lokhu kusenza sibe yibandla elahlukene elingadlelani. Ujesu uza ezokondla bonke laba bantu abalambile. Ofanele nongafanelekile ngoba bonke kuye balambile nalowo othi yena akaswele lutho unamanga uyadinga ukwelashwa, ngoba nalokho kungasweli kwakhe kusasho kona ukuzicabangela nokungabi nandaba nomunye umuntu.

Uma evuma ingoma yakhe umufi uFr. Martin khambule ethi: “We, bakhethwa wozanini” uze ufike evesini elithi: Sihlanganiswe sonke ngobuqhawe bakhe, alukh’ ubandlululo kwabangabe Nkosi”. Masisondele esithebeni somusa samukele iNkosi uJesu okunguye osondlayo ngezwi lakhe nangeSidlo esiyingcwele, eMiseni. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.