ISONTO LESHUMI NESIHLANU LENKATHI YONYAKA – B


ISONTO LESHUMI NESIHLANU LENKATHI YONYAKA – B

Markus 6: 7 – 13

Nkosi, kaningi lapho sifunda imibhalo eyingcwele siyaye sijahe ukuze siqede. Kodwa wena usithumelele iZwi lakho njengoJesu ethuma abalishumi nambili ukuba bahambe bagxilise izwi lakho kubantu, lisondle lisiphilise futhi futhi lisenze sikwazi ukubuyisana noqobo lwethu. Amen.

Lomkhuleko uqukethe umongo nomqondo weVangeli lanamuhla. Masithi sifunda singene sijule eVangelini futhi singalihlafuni luhlaza kanjalo ngoba lokho akuyikusinika injula nokujiya kwalo. Cabanga – nje usuyaleza umuntu omdala ethatha uhambo olude uthi kuye aze angakhohlwa ukugqoka izicathulo.

Ake sifunde: Kuleyonkathi uJesu wabiza abalishumi nambili wabanika amandla phezu kwemimoya emibi wabathuma wathi bangaphathi lutho emixhakeni yabo kuphela udondolo, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama nathusi kodwa bafiake izicathulo bangaphathi amajazi amabili, wayesethi kubo: “Noma kuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani kuyo nize nimuke kuleyo ndawo. Akuthi lapho ningena khona benganizwa bengauni ukunilalela nithintithe uthuli lwezinyawo zenu kube ngubufakazi bokulahlwa kwabo.

Base behamba beshumayela kubobonke abantu ukuphenduka. Bakhipha amadimoni amaningi bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha babaphilisa.

Amandla okulwa nemimoya emibi: Nkosi Jesu ake usithume nathi njengoba wathuma abafundi bakho, singandiyazi futhi singathuli kodwa sishumayele impenduko. Umhlaba ufukanyelwe ngamadimoni amaningi: ukuthanda ngokweqile ingcebo, umina, ukubandlululana ngokobuhlanga nangokobulili; sisize Nkosi ukuba siwaxoshe. Kunabantu abaningi abagulayo, abasele dengwane, ababandlululekile, kanye nezisulu zodlame. Senze sibagcobe amanxeba ngamafutha othando sibelaphe ngezwi lakho.

Uma sifunda encwadini ka eksodusi 4:2 uNkulunkulu uyambuza uMose ukuthi yini lena ayiphethe esandleni sakhe, yena uphendula ngokuthi “yinduku”. Nathi siyabuzwa ukuthi siphetheni ezandleni zethu. Phela siphethe induku okuyizipho uMvelinqangi asiphe zona, okufanele sizithuthukise  ngokusemandleni ethu ukuze kusizakale abanye ngazo. Isinkwa sifakazela umsebenzi nobuthunywa bukaJesu Kristo. Phela sibizelwe ukudlulisa umbiko hayi umphako esiziphathele wona kodwa umbiko kaJesu unjengoba unjalo.
Esikhathini esiningi sinemigodla esiyithwele ngokungenasidingo. Sibuyisa amanxeba amadala asemzimbeni yethu mhlasimbe asethi ayaphola kodwa siyawavula. Masikhohlwe ngokudala sidlulele phambili  ukuze sibe namandla okwelapha abanye baphile. Yebo umonakalo kungenzeka ukuthi waba mkhulu kakhulu kodwa nokho nalapho selidume kwafiwa khona liyadlula liphinde lise, phela ukushona kwelanga kubika ukusa okuzayo. Masiphenduke sikhohlwe ngokwenzeke izolo kodwa siphokophelele phambili sethule imithwalo esicindezelayo, isidikibalise isiqede namathemba kodwa sibone ukukhanya okusha okuza ngokwamukela iVangeli likaJesu Kristo.

Sesizamile sadlulisa kodwa umbiko wothando wangamukeleka, okuhle kwabuyiselwa ngonya, uthi uJesu “Thintitha uthuli lwezinyawo zakho”: Ungathi ngiyawezwa amazwi kaJesu ethi: Ungalahli ithemba nalapho kungalungi ungadikibali, qhubeka ngoba nginawe njalo koze kube sekupheleni komhlaba. Phela kwayena uJesu akazanga adikibala lapho bengafuni ukumuzwa, bemnyemfisa, bemhleba, bemthuka ekugcineni bambethela onqamlezweni.Phela babethi baqedile ngaye kanti ababuzanga elangeni, phela usehlezi ebukhosini bakhe ebusa ingunaphakade. Amen

Tags: No tags

Comments are closed.