ISONTO LAMASHUMI AMABILI NAMBILI LENKATHI YONYAKA

ISONTO LAMASHUMI AMABILI NAMBILI LENKATHI YONYAKA

B
DT. 4: 1- 2; MK. 7:1-8 ,14 -15, 21 – 23

Ngenkathi silalele izifundo sizwe ofundayo ethi: “Yiwo amazwi eNkosi esifundweni” nathi ngokunjalo senanela sathi: “Akabongwe uNkulunkulu”. Umbuzo omkhulu ngukuthi kungabe ngempela siyakholwa yini ukuthi imibhalo  iyiZwi likaNkulunkulu. Kungabe yikho yini lokhu okwenza ukuba sizithole singakukhuthalele ukulifunda nokuba singalenzi libe yingxwnye yempilo yethu ukuze sikhule kwezikamoya.

Ubaba ocwebileyo wodumo uJohanis Pawulusi wesibili esiyala ngo 2002 uthi: “Imibhalo eyiNgcwele iyisisekelo sokuqala sempilo yobuKristo”. Phela sonke ngokusemandleni ethu siyazama ukuphila impilo yethu engcono ngokusemandleni ethu. Sifuna ukuthuthuka kanye nalabo futhi abasondelene nathi, okungabangane bethu kanye nemindeni yethu. Lokhu kulangazelela okuhle yikho okuyakusenza thina kanye nomhlaba esikuwo ube ngothokozelekayo ukuphila kuwo. U-Phapha Johanisi Pawulusi uyasinika indlela yokwenza umhlaba ube yindawo ethokozelekayo, enokuthula, uthi: “U-Jesu Kristo ukhona ngempela eZwini lakhe, emaSakramenteni ikakhulu eMiseni eliyingcwele. Ukuze umuntu ambone futhi amuzwe kufanela azijwayeze ukufunda iZwi likaNkulunkulu okuyiBhayibheli”.

Phela uma sifuna ukumqonda kangcono uJesu, uma sifuna ubudlelwane obujulile naye, uma sifuna ukufunda, sithathe okukaJesu siphile ngakho, noma kanjani akukho lesizokuthola khona ngaphandle kokuba siye eZwini likaNkulunkulu.

Yiloke leliqiniso uMose athi: “Yizwa Izrayeli izimiselo nemithetho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, khona uyakuphila”. Izwi likaNkulunkulu liyaphilisa, liyasindisa, liqinisa ababuthakathaka, lisinika ithemba, liyasikhuthaza, lisivuse ebuthongweni. UMose-ke namuhla esifundweni sokuqala ukhumbuza abantu ukuthi njengoba bebonile imisebenzi yamandla uNkulunkulu ayenzile kubo mabangachezuki endleleni yabo yokukhonza uNkulunkulu. Akwanele-ke bahlobo bami ukulilalela nje kuphela ngoba ungezwa ulalele kahle impela kodwa bese ungakugcini lokho oyalwa ngakhoukuba ukwenze. Kubalulekile ukuba iZwi esilizwile lishunyayelwa kithi siliphile ngani ngoba «yilowo nalowo ozwa amazwi ami awagcine ufana nendoda eyakha indlu yayo edwaleni okuthi ngokuna kwezulu nokuhlasela kweziphepho ingaze yawa ngoba yakhiwe edwaleni» (Mt.7 :24-25)

Kungabe thina siphila ngalo yini iZwi ? Esikhathini esikhulu kumaJuda ukugcina umthetho kaMose kwaba yiyonanto ephambili kubo neyokubayisa kuNkulunkulu. Ekufikeni kukaJesu usesinika indlela entsha yokufinyelela kuNkulunkulu, okungukugcina izwi likaNkulunkulu.Yonke imithetho ifuna inhlalakahle yomuntu. Ngokunjalo futhi umthetho kaNkulunkulu uJesu Kristo awushumayela ngowokuthanda uNkulunkulu kanye nomakhelwane. Umthetho wonke uphelele oThandweni.

Njengoba phela namuhla sigubha isonto lebhayibheli, sigubha iZwi likaNkulunkulu elaba yinyama lase lakha phakathi kwethu. Leli liZwi sadalwa ngalo, sasindiswa ngalo, kanjalo siphila ngalo. Yilo leli liZwi elifundwayo ezinkonzweni sibuye futhi sihlangane nalo eSidlweni esiyingcwele. Yingakho sisho ngeqholo ukuthi uJesu ophila kithi uyisimanga. Ngoba nguye ophila kithi ukuze nosibukayo abone ubuso bukaJesu kithi.
Sengathi singaba yiboke abaphila ngeZwi- abathandayo ukulifunda bazindle bakhuleke ngalo.  « Amazwi akho Nkosi angumoya, ayaphilisa, wena unamaZwi okuphila kwaphakade. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.