ISONTO LAMASHUMI AMABILI NESIKHOMBISA LENKATHI YONYAKA –
B
MARKUS 10: 2 – 16
I-Zwi lakho Nkosi Nkulunkulu wethu liseduze nathi. Nomusa wakho ukithi. Yiba nathi –ke Baba ngobunene namandla. Senze ukuba izindlebe zethu zingavaleki ukukuzwa lapho ukhuluma nathi, ukuze siyamukele ngezinhliziyo ezivulekile iNdodana yakho uJesu kristo, okunguye oyakuza asifune athi ngokusithola asinike usindiso manje nangezinsuku zonke zokuphila kwethu, kuze kube phakade. Amen.
Leli Vangeli lingelinye elithi alibe lukhunyana ukulisukela nokulihlaziya, nokho kuhle ukuba kesithi ukuzika kulo ngoba liqukethe lukhulu empilweni yethu. Thatha-ke manje imizuzwana ulifunde uphindelela. Uzothola ukuthi lithi alisibuyisele emumva mhla uNkulunkulu edala umhlaba. “6Kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane” (Gen.1:27). Phela uNkulunkulu wadala abantu, wabenza ngomfanekiso nenswebu yakhe owesilisa nowesifazane, lapho abona khona ukuthi lokhu ayekwenzile kwabe kukuhle futhi kumthokozisa. Ngalokhu uNkulunkulu wabe efuna ukuba abantu bakuthokozele ukuba ndawonye, bemunye othandweni, behloniphana futhi besebudlelwaneni obulinganayo. Ngaleyo ndlela-ke “7owesilisa uyakushiya uyise nonina anamathele kumkakhe, abasebabili, sebenyamanye”. Lapha-ke uMarkus uyasibonisa ukuthi abashadileyo bangena ebudlelwaneni okungubunye nokubambisana. Ukujula kwalobu budlelwano yikho okuyakubenza babe munye ekwakheni umndeni oyiwo nophilile. Phela bobabili bathi belingana babe bezinikela komunye nezipho zabo ezahlukahlukene emshadweni wabo.
Muhle bangane abathandekayo uNkulunkulu wethu, ngoba uthande kanjalo ukuba abantu bakhe babe nobudlelwane obujulile naye uSokulunga. Phela wabenza baba ngaphansana kwezingelosi (Hubo 8:6), lokhu sidalwe ngomfanekiso nenswebu yakhe, wasivikela ukuze singabhubhi sifane “neminyezane etshalwe ngasemfuleni ukuze siveze izithelo ngesikhathi esiyiso (Hubo1:3), kuthi lapho sikhathele sikhathazekile kube nguye osihlumelelisa amandla “uyangiyisa ngasemanzini okuphumula, uqabulisa umphefumulo wami” (hubo 23: 2 – 3).
U-Jesu uyasimema ukuba singene ebudlelwaneni obujulile noYise njengoba yena uqobo enza. Lobu budlelwane yibo okuyakusenza ukuba thina uqobo sikwazi ukuba nobudlelwano obuyibo nomakhelwane wethu.
Umusa kaNkulunkulu uyisipho esivela kuye, oza kithi ngaphandle kokuba siwusebenzele. Kanjalo akukho mizamo yethu eyakuphumelela ngokwenza kumbe ngokuthanda kwethu. UNkulunkulu nguye osinakekelayo ngokunjalo kufanele sizibeke emseni wakhe kuhle komtwana ethembele kumzali ukuthi lokho akuswelayo uyakukwamukela kuye ngaphandle kwendumalo. UJesu wambiza uNkulunkulu ngokuthi “Baba” . Phela wayebuqonda umbuso kaNkulunkulu. Uma sikwamukela ukuthi uNkulunkulu wenamile ngathi siyakuliqonda kahle ivangeli likaJesu Kristo ayelishumayela futhi siyakungena siphelele ebunyeni bukaNkulunkulu lokho yena uJesu ngokwakhe akuthokozelayo nasifisela kona njengabantwana bakhe. “Deldelani abantwana beze kimi ningabenqabeli ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanje”. Wabe esebeka izandla phezu kwabo ngokuba lokho u “Nkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu. Bathandwa beNkosi uNkulunkulu wethu akafuni mngcele omahlukanisa nesithandwa sakhe esingumuntu ngokunjalo nakithi akalindele ngcele owahlukanisa abantu bakhe.
Sihlobo sami ubunye bethu buyisibonakaliso sobunye uNkulunkulu anabo nathi zidalwa zakhe. Phela lobubunye bubonakaliswa ngumshado, yindlela thina esiphilisana ngayo. Sengathi lokho uNkulunkulu akuhlanganisile empilweni yethu makungahlukaniswa muntu nanini. Amen. – B

Sihlobo sami ubunye bethu buyisibonakaliso sobunye uNkulunkulu anabo nathi zidalwa zakhe. Phela lobubunye bubonakaliswa ngumshado, yindlela thina esiphilisana ngayo. Sengathi lokho uNkulunkulu akuhlanganisile empilweni yethu makungahlukaniswa muntu nanini. Amen.