UMKHOSI WAMALATHI
UNYAKA B
MARKUS

UMKHOSI WAMALATHI
UNYAKA B
MARKUS 14: 12 – 16; 22 -26

IZwi lakho Nkosi Nkulunkulu wethu lingumthombo wokuphila. Njengedwala likhafula amanzi amtoti ogwadule, kanjalo-ke lisihlumelelisa amandla. “Bahlanganyela ekuhlephuleni isinkwa esisodwa nasekuphuzeni esitsheni esisodwa” Isonto lanamuhla esivamise ukulibiza ngeSonto lamaLathi kumbeke ngesimanje lapho sithi uMkhosi weSakramente eLiyingcwele Cwe laseLathini lisithuma ukuba kesingene sijule  kulesipho esibabazekayo iNkosi yethu uJesu Kristo esinike sona. Ingqungquthela Yesibili emibhalweni yayo yokwalusa iyasikhumbuza ukuba sizindle kakhulu ngalemfihlakalo: “IBandla lalilokhu lazisa futhi lihlonipha imiBhalo eyiNgcwele ngendlela efanayo njengoba lazisa iSidlo esiyingcwele ( umzimba kaKristo), phela kuzo lezithebe zombili okungeseZwi likaNkulunkulu kanye noMzimba kaKristo lamukela liphinde futhi lidlulisele kubantwana balo isinkwa sokuphila enkonzweni eyingcwele”.

Ubaba oCwebileyo wodumo uJohanis Phawulusi uthi uma eqhuba lendaba athi:             “Isikhathi samanje siyasiphoqa ukuba sigqolozele uKristo, simbone emzindlweni wethu. Lokhu phela uKristo ukhona  ngokuphelele eZwini eliyingcwele naseSidlweni esiyingcwele, ikakhulu eMiseni eliyiNgcwele. Siyakumbona ngamehlo okholo olutholakala ngokuzijwayeza ukufunda iZwi likaNkulunkulu.” Ngiyathanda-ke ukuba kesithi ukuzindla kakhudlwana ngalamazwi athi: “Bathi sebehlabelele amagama okubonga…” Ngesikhathi sikaJesu kwakujwayelekile ukuthi emva kwesidlo sephasika kuculwe izihlabelelo zokubonga uNkulunkulu ezisencwadini yamaHubo (Amahubo113 -118). Okuyilona elabe lithandeka kakhulu yiHubo118. Phela lamahubo asivezela ubunjalo bukaNkulunkulu, engikunxusayo ukuba uke uthi xhinti, uzifundele wena. Ake uthathe ihubo 113 ulifunde ubone ukuthi uNkulunkulu limveza enjani kuwe.

Kuningi uNkulunkulu wethu esingambongela kona. Ikakhulu isipho sempilo, umndeni, iBandla, umphakathi. Nalapho sizibona sisodwa kumbe sisosizini yilapho sithola khona amandla ngoba kuqhamuka abantu abazosinika induduzo ngoba yena uyayilalela imikhuleko yethu. Masithi simunye ekuhlephuleni isinkwa esisodwa nasekuphuzeni isitsha esisodwa sikhumbule ukuthi sesingumzimba kaKristo. Kanjalo sesingodade nabafowethu komunye nomunye. Akusekho ukwahlukana. Uthando lukaKristo yilo olusibuthayo lusihlanganisa sibe munye. Yingakho-ke kulenkonzo sigubha ukubuthwa kwethu, sibuthelwa ebunyeni bukaNkulunkulu ukuze sihube ngazwi-linye iculo lethu lokubonga. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.