UMKHOSI WABACWEBILEYO BONKE
ISONTO LAMASHUMI AMATHATHU NANYE LENKATHI YONYAKA- B
Isifundo sokuqala: Isambulo 7:2-4 & 9-14 Isifundo sesibili: 1Johane 3: 1-3 Ivangeli: Mathewu 5 : 1 -12a
Nkulunkulu Baba wena owathi ngeNdiodana yakho ethandekayo uJesu Kristo wasibuyisela ubungcwele esalahlekelwa yikho ngenxa yokona kwethu. Sengathi lomkhosi wabangcwele bakho ungasinika ivuso lokuthi nathi uma siqinisela ekukholweni siyakubalwa naleli viyo elikhulu kangaka. Amen.
Uma iVangeli likaMathewu livula lithi: U-Jesu ebona isixuku esikhulu, wenyukela entabeni esehlezi phansi, wavula umlomo wakhe wabafundisa wathi, “Banenhlanhla abampofu….” Sizothola ukuthi lapha uJesu ukhuluma ngezilungo zokobuntu phela umuntu wadalelwa ukuba abe sebudlelwaneni nomdali wakhe lokhu sikubona kakhulu encwadini yeziqalo noma uGenesis lapho kuthiwa uJehova wayefika ahambahambe engadini yase Eden evakashele abantu bakhe (Gen.3:8). Lobudlelwane yibo usomusa athi edala isintu wabe ekuhlosile ngendalo yaKhe.
Ngenxa yokonakala komhlaba lobu budlelwane bonakala kephe akaphelanga amandla uNkulunkulu wabe esethumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuba izolungisa lomonakalo. Ekufikeni kwakhe ujesu ubona umhlaba ukhungethwe wubudlova, kuyaliwa, abafelokazi bayahlukunyezwa, abangulayo babandlululiwe, abampofu bacindezelwe, nokunye okuningi okwenza abantu bangabi nakho ukuhlalisana. Umake uJesu efika ubonakala engena nalapho kungafanele ngokwesiko ukuba angene khona; wangena ekamelweni waphilisa umkhwekazi kaSimoni wayenomkhuhlane (Mk.1:30 -31), Uthinta ngezandla zakhe umuntu onochoko (Mk.1:40 -45), Uguqula umqondo ngeSabatha ukuze baqonde lokho okusemqoka ngalo (Mk.2:23 -28). Kanjalo-ke ukuza kukajesu emhlabeni ukuba azovuselela ubudlelwane obase bonakele phakathi kukaNkulunkulu nomuntu naphakathi komuntu nomuntu. Njengalokhu uBaba engithandile kanjalo nani hlalani othandweni lwami (Jn15:9).
Phela ukuba mpofu ngokomoya kusho kona ukuthi uthi unakho konke okuyizidingo zempilo ungabambeleli kuzo futhi ukwazi ukwabelana nabanye, lokho futhi okusho kona ukuthinteka ngosizi lwabanye abantu bese uba nozwelo, ukhale nabakhalayo sishisekele okuhle nokulunga. Uma silapha emhlabeni ziningi izinselelo esibhekana nazo, njengobugebengu, ubusela, amanga, umona, amagqubu, ubunqonqela. Konke lokhu kukhubaza inhlaliswano yomphakathi. Lapho kubusa umona nobugovu, kuzaleka inzondo, ukulwa bese kuphalala igazi uxolo lungabibikho sampela. U-Johane uma ebhala encwadini uthi: “Ngabona isixuku esikhulu kakhulu sabantu ababembethe izingubo ezimhlophe, labuza kimi lathi: ‘obani laba futhi bavelaphi na?’, Ngathi: ‘Uyazi wena Nkosi’. Lathi: ‘laba bavela emhlabeni, ekukhandlekeni okukhulu, kepha bagezile izingubo zabo bazenza zaba mhlophe egazini leMvana” (Isambulo 7:14). Lapha siyaqiniswa ukuthi impilo ingumshikashika. Nakuba izinhlupheko zikhona nokho akusizo okufanele zisisuse endaweni. Okunalokho ukuphila impilo yokobuntu ephelele engenabo ubudlova nobulwane yikho okuyakusenza ukuba sibe ngabantu abapheleleyo njengalokhu noBaba oseZulwini engopheleleyo (Matt. 5:48).
Yikho-ke lokhu okuyakusenza ukuba sithi silapha emhlabeni siphile impilo enobuNkulunkulu abantu babuthokozela ubukhona bukaNkulunkulu phakathi kwabantu bakhe njengoba neculo lisho: “Ngempela usemhlabeni uvela eZulwini uyakuhlanza konke okusenhliziyweni…” Yiyoke indaba yombuso kaNkulunkulu ophakathi kwabantu ofuna ukuba yilowo nalowo aphenduke abuyele ebudlelwaneni obuphilayo nomakhelwane wakhe ngoba singeze sasho ukuthi siyamthanda uNkulunkulu uma singamthandi umakhelwane.
Ngokunjalo sobe siyibo abahlambulukile (1Jn.1:3) abasebudlelwaneni besoxolweni bese sihuba sonke ngokujabula:
Sengibon’ izul’ elisha nomhlaba omusha,
Omdala udlulile nolwandle alusekho.
Nkosi Jesu Kristo wena owathi kubaphostole bakho uxolo ngilushiya kinina, uxolo lwami ngininika lona. Siyacela ukuba ungabheki izono nokwahluleka kwethu kodwa ubheke ukholo lweBandla lakho, uvume ukusipha uxolo nobunye njengoba kuyintando yakho; ukuze sithokoze kanye nawe embusweni wakho ebuphakadeni. Amen.