ISONTO LOKWEHLA KOMOYA OCWEBILEYO

ISONTO LOKWEHLA KOMOYA OCWEBILEYO
Johane 20: 19 –  23

Tshala ngenkululeko Nkosi Nkulunkulu wethu, imbewu eyiliZwi laKho emhlabeni. Sengathi lingehlela emhlabeni ovundileyo okuyithina ukuze lifinyelele noma kuphi lapho abantu bakho behlezi khona..

IZwi likaNkulunkulu maliphile kithina. Yilowo nalowo wethu abe yiyo iNdaba eThokozisayo. Kanjaloke kufanele sijulise lokho amaVangeli asifundisa kona. Ngaphandle kwalokho lamazwi amnandi kangaka ayakuhlala ephepheni engumbhalo ongasho luthu sampela. Lokho-ke kuyakuba yishwa elikhulu kakhulu ngoba kobe kusho ukuthi isipho sikaNkulunkulu esiyiZwi lakhe asiligqizi qakala kanjalo-ke alenzi mahluko empilweni yethu.

IVangeli lanamuhla lisifundisa:
•  Ngobudlelwano bami noNkulunkulu;
•  Ngendlela engcono enginokuyiphila;
•  Ubudlelwano bami nomakhelwane/ nabanye

IZwi likaNkulunkulu” liyinduduzo kwabahluphekileyo, khathisinye livukuze labo abanethezekile. Kungabe yikusiphi isimo thina esigaxela kuso, kufanele sitholane neZwi lapho lifundwa, sizindla ngalo ukuze siphendule ngomkhuleko ezwini likaNkulunkulu.

Make ngikumeme ukuba kesithi ukufunda lelivangeli sibe siqaphelisise lawo magama abhalwe ngokugcizelela:

“Kwathi kusihlwa ngosuku lokuqala lwesonto, iminyango ivaliwe lapho abafundi babebuthenekhona ngokwesaba amaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo wathi kubo: ‘Uxolo alube kini’. Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi iphila. Khona uJesu wabuye wathi kubo: ‘Uxolo alube kini. Njengalokhu uBaba engithumile, nami ngiyanithuma’. Kwathi ukuba asho njalo wabaphefumulela, wathi kubo: ‘Yamukelani isipho soMoya oCwebileyo. Labo eniyakubathethelela izono zabo bayakuba bethethelelwe, nalabo eniyakubabopha ngezono zabo bayakuba beboshiwe”.

Ngempela uJesu uvukile, yiPhasika namuhla. Usuku seluphelile, ubumnyama sebubemboze, yilapho-ke uJesu ebonakala kubafundi bakhe. Uzibonakalisa kubobonke labo abangabafundi bakhe. Qaphelake ukuthi igama abafundi liphindiwe, lokho okuyisiqinisekiso sokuthi akekho oshiywe ngaphandle. Akukhoke ukuzihlanguza. Mina nawe singabafundi bakaJesu.

“Kusihlwa ngosuku lokuqala lwesonto”. Ake sikhumbule ukuthi kwenzakalani ngosuku lokuqala ngenkathi uNkulunkulu edala izulu nomhlaba. Phela ngalolo suku  kwabakhona ukukhanya, lapho uNkulunkulu ahlukanisa khona ukukhanya nobumnyama. Phela uSimakade usemshikashikeni wokwakha abantu bakhe, ukuze babe ngabantu abangcono. Namuhlake sivuselelwa kabusha. Senziwa abantu abasha.

Nakuba impilo yethu iyohlale njalo izungezwe ngukukhanya kanye nobumnyama ngesikhathi esifanayo. Phela sikhuluma ngobubi nokulunga, ukuphumelela nokwahluleka, yinjabulo nokuhlupheka. Konke lokhu uNkulunkulu uyakusebenzisa ukuze sikhule sithuthuke futhi sibe ngabantu abangcono.

“Kepha manje, Jehova unguBaba;
Thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
Singumsebenzi wesandla sakho sonke”.
Is. 64:8

UJesu lapha ufika ngesikhathi esinzima impela empilweni yabafundi bakhe. “Iminyango ivaliwe”. Phela ukuvala kusho ukungavuleleki, nokungazimiseli ukuguquka. Izinto zibophene kubafundi. Bayesaba. Manje sekuphelile ngabo. AmaJuda azobadla luhlaza, kanti noJesu ufa nje kade sebemhlamukile. Ngempela bayesaba futhi nonembeza uyabalahla ngesenzo sabo kuJesu. Futhi akukho manje abasangakwenza ukuguqula isimo.

UJesu-ke ufika ngesikhathi esinzima empilweni yabafundi bakhe. Kabili uyababingelela “Uxolo alube kini” (shalom), okuyisibingelelo samajuda esisho  ukwamukela nokuvalelisa. UJesu uletha ukuthula. Lesibingelelo sisho futhi intethelelo. Isihawu, ubuphelele nokuthula. KuJesu sekudlulile konke. Ubukhona bakhe buletha ukuthula. Bayavuselelwa manje ukuthi, hhay madoda okudala kudlulile, khululekani. Phela lo Nkulunkulu wethu esimkhonzayo, nguNkulunkulu osikhululayo, osethula umthwalo nejoka emahlombe ethu.

Yiyo-ke le nkululeko uJesu athi kubafundi bakhe “njengoba uBaba athuma mina, kanjalo-ke nami ngiyanithuma”. Uthando lukaNkulunkulu ngasiludlulisela kubantu bonke ukuze baqonde kuthi umhlaba uthethelelwe. Phela ngoKristo ubudlelwane bethu noNkulunkulu buvuselelwe. Yingakho nje sithi lapho sixolela abanye iziphambeko zabo zithethelelwe. Kuthi ekungazimiseleni kwethu ukudlulisa sigcina abanye bebophekile ezonweni zabo. Kephake masikhumbule ukuthi umusa kaNkulunkulu usanele sonke. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.