ISONTO LESHUMI SESISHIYAGALOLUNYE LENKATHI YONYAKA – B

ISONTO LESHUMI SESISHIYAGALOLUNYE LENKATHI YONYAKA – B

JOHANE 6: 41 – 51

Yehla Moya oCwebile usicwebise.
Sivuthise ngomlilo wokwazi iqiniso Lakho, wena oyiNdlela nokuphila kwethu. Khanyisela izingqondo zethu ukuze sibe ngukukhanya  okuyakulethela abanye injabulo, imfudumalo nenduduzo. Thukulula ulimi lwethu olugoqongene ukuze lubike izindaba ezinhle zothando nobuhle bakho. Siguqule Moya kaNkulnkulu ukuze sibe yizidalwa ezintsha, khona siyakuba ngabantu bothando, abangcwele bakho, izandla ezibonakalayo zikaNkulunkulu, kanjalo-ke siyakuwuguqula umhlaba nendalo yonke iyakuvuseleleka busha kuwe. Amen.

Sizokhumbula-ke Bathandekayo ukuthi amaVangeli ayebhalelwe umphakathi wamakholwa. Kanjaloke kwkufanele afundwe emphakathini. Ukuzifundela ngeyejwana kuvele ngasemumva lapho izincwadi seziyinsada. Kanjalo-ke ababhali babenendlela ethize yokudlulisa umbiko lapho bebhala ukuze lokho abafuna ukukuvezela umphakathi kuqgame bha.

41… Mina ngiyisinkwa esehla sivela eZulwini
48… Mina ngiyisinkwa sokuphila
50… Lesi yisinkwa esehla sivela eZulwin
51… Mina ngiyisinkwa esiphilayo

44…Mina ngiyakumvusa ngosuku lokugcina
47… Okholwayo unokuphila kwaphakade
50… adle kuso, angafi
51… uyakuphila naphakade

Ngiyakunxusake manje ukuba kewuthathe iBhayibheli lakho uzifundele lendinyana ekulesi sahluko  ukuze sihambisane kulomzindlo waleli sonto. Jn. 6 : 41 – 51
Ngempela imfundiso kaJesu ayenza eminyakeni ethi ayibe zinkulungwane ezimbili ezedlule namanje isaziphinda futhi iliqiniso elimsulwa. Kuliqiniso ukuthi empilweni sisaqhubeka nokuhlukumezana, sikhe abanye izici, sibandlululane, sibone abanye bebabi kakhulu thina singcono nokunye okuningi esingakubala. Khona futhi kunjalo sonke siyakholwa wukuthi uma sifa kulomhlaba  siyakuthola impilo entsha eyahlukile kwenye indawo, kodwa nokho asazi ukuthi kuyakuba njani kulelozwe. Ibhayibheli lisitshela ukuthi kukhona ukuphila kwaphakade. Singasho singananazi ukuthi lokhu kuphila kwaphakade kusho futhi imanje. Phela imanje yilo esilaziyo futhi esinalo. U-Jesu emibhalweni uyasifundisa ukuthi kufanele sithethelele manje, singabahluleli abanye manje, sithande manje, sinakekele abampofu manje, samukele izihambi manje.

Sonke sihlobo same siyathanda ukuhlala sithokozile, sinokujabula ngamanye amazwi sikhululekile. Impilo ephelele: “ngize ukuba babe nokuphila okupheleleyo” (Jn.10:10). Ukulangazelela kwethu ukujabula nentokozo akusho ukuba nezidingo zempilo kuphela njengokuba nendlu nemali kumbe ukudla, phela impilo ephelele isho uthando, nenjabulo. Ngokunjalo impilo ephelele uma isho inhlalakahle kusobalake ukuthi lokho kuthinta umakhelwane wami ngoba phela angiphili ngedwa ezweni kodwa ngiphilisana nabanye. Ukuphila kahle-ke kusho ukuhlalisana, okuyilapho kuvela khona ukuthi sibizelwe ukuba sinakekelane – ukwabelana nabanye abantu. Umake silandela imfundiso kaJesu nesibonelo sakhe siyakuphila kahle, siphile impilo ephelele. Siyakuba nokuphila kwaphakade.

Siyabonake ukuthi uNkulunkulu ufuna okungcono kithi njengoba yena engopheleleyo. Phela uNkulunkulu wethu usiphe izipho ngokumangalisayo afuna ukuba sizisebenzise ukuze siphile kahle. U-Jesu Kristo nguye isibonelo esihle. Phela usenzele isibonelo sokuphila impilo ephelele. Imfundiso kanye nezenzo zakhe emphakathini kuyazifakazela. YiZwi eliphilayo. Izwi lakhe liyaphlisa. Ngezwi lakhe sithola ukuphila kwaphakade, lapho silifunda emibhalweni eyingcwele – Isinkwa esiphilayo.
Umbuzo omkhulu wukuthi konje umuntu kungenzeka yini efane noNkulunkulu na? U- Johane emzindlweni wakhe  uyasitshela ukuthi uJesu engumuntu efana nathi ngakho konke ngaphandle kwesono, wafana noNkulunkulu lapha emhlabeni, ngokunjalo nathi singefana noJesu, ukuze kuthi lokho okushiwoyo ngoJesu Kristo uMsindisi wethu kuphinde kushiwo nakithi: “Hambani nani nenze njengoba ngenzile kini” (Jn.13:15). Ngokunjalo-ke lapho sibuka impilo kaJesu siyakumbona uNkulunkulu nathi size sivume ingoba yabaprofethe basendulo sithi:

Ngubani ongunkulunkulu onjeNgawe, othethelela ububi
Axolele isono sabaseleyo abayifa lakhe
Ongabambeleli entukuthelweni yakhe ingunaphakade
Ngokuba wenamela umusa
Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu
Yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle (Mikha 7: 18 – 19)
Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova
Endlini kaNkulunkulu kaJakobe ukuze asifundise izindlela zakhe
Yena uyakwahlulela phakathi kwezizwe
Anqume phakathi kwabantu abaningi.
Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto ibe ngamasikela
Akukho sizwe esiyakuvukela esinye, nempi ayikufundwa
Wena-ndlu kaJakobe woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova (Izaya 2: 3 -5)

Ngempela uJengu uyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini esizolethela thina ukuphila kwaphakade, okuthi ekumamukeleni kwethu uJesu abantu babonane noNkulunkulu ngoba akusethina esiphilayo kodwa nguKristo ophila kithi. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.