Isonto leShumi nantathu lenkathi yonyaka B


Isonto leShumi nantathu lenkathi yonyaka B

Markus 5: 21 – 43

Nkosi ngubani ongaqonda ububanzi nokujula kwezwi lakho elilodwa? Lokho esikuqondayo ngeBhayibheli kuncane kakhulu kunalokho esikushinga ngemumva njengomuntu owomileyo eyophuza emthonjeni.

Nkosi iZwi lakho usambulele lona ngezindlela eziningi ezahlukene ukuze kuthi labo abalicubungulayo bavundulule kulo umnotho owahlukile. Khonake kothi lapho sizindla ngalo sinonophaliswe yilo.

Ngaphambi kokuba sibheke iVangeli lanamuhla kuhle ukuba kesibuke indlela uMarkus ahlela ngayo iVangeli lakhe. Umake sibhekisisa sizothola ukuthi uMarkus uyathanda ukuhlela indaba yakhe ngezigaba ezintathu, ukusifundisa okuthile. Lapha inhloso yinye ukuba sithole ubumqoka bomyalezo aqonde ukusibikela wona. Njengoba sizobona ukuthi okuyiwona mongo wemfundiso kulesi sahluko ukuthi uJesu uzochitha nya lonke uhlobo lwencindezelo nobandlululo.

Ukuphiliswa komuntu onedimoni (5:1 -20)
Ukuphiliswa kwendodakazi kaJayiru (5:21 – 24 isigaba sokuqala)
Ukuphiliswa kwenkosikazi enomopho (5: 25 – 34)
Ukuphiliswa kwendodakazi kaJayiru (5: 35 – 43 isigaba sesibili)
Indaba yokuphiliswa kowesifazane onomopho yiyo ephakathi naphakathi okuyiyo esemqoka futhi nomzindlo wethu ozogxila kuyo.

Sizokhumbula-ke ukuthi inkolo yamaJuda igcizelela kakhulu ukugcinwa kwamasiko enhlanzeko kangangoba abantu ababengabelusi, abaqoqi-ntela, umuntu ogulayo, kumbe onesici emzimbeni wakhe ingasaphathwa eyomuntu onochoko. Kukhona ngisho izilwane ezithathwa njengezingcolileyo njenganezingulube nje. Umuntu wesifazane obelethe nosezinsukwini zakhe naye ugcolile kuze kwenziwe isiko lokuhlanjululwa kwakhe.

Uma sifunda sithola ukuthi:
Kwakukhona owesifazane owabe eguliswa ngumopho iminyaka elishumi nambili. Wayesekhathezeke kakhulu impela ngoba wayesebaqgiqgile odokotela kungekho ukusizakala okunalokho kwakuba kubi ngokudlulele. Ekuzweni kwakhe ngoJesu walandela ngasemumva esixukwini, wayesethinta umphetho wengubo yakhe ngoba wayethi: Uma ngike nathinta ingubo yakhe ngiyakusinda.” Umopho wanqamuka ngokushesha kuye, naye wezwa ngaphakathi kuye ukuthi ukhululekile. UJesu ezwa ukuthi kukhona amandla aphumile kuye, wabe eseguqukela esixukwini  wababuza: “Ngubani ongithintile na?” Abafundi bakhe bathi kuye: Ingathi uyabona ukuthi abantu bakunyinyile; pho, kuyangani ukuba ubuze ukuthi : ‘ngubani ongithintile na?’ Yena waqhubeka nokuqalaza ukubona loyo omthintile. Owesifazane ngokwazi ukuthi kwenzakaleni kuye wabe esesondela kuJesu ngokwesaba nokuthuthumela okukhulu. Waguqa phambi kwakhe wayesemlandisa konke okwenzekile kuye ngeqiniso. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngobuhle ukhululekile esifweni sakho”.

Ake sithi ukuqxila kulendaba
Kwakukhona owesifazane owayeguliswa ngumopho
Iminyaka eyishumi nambili iyisibonakaliso sabantwana bakaIsrayeli abaphila impilo yabo yonke becindezelwe yimithetho namasiko abagqilazayo enhlanzeko nangasho lutho kuphela ekugcineni bona bazithole bengasakhululekile ukuphila impilo ebanika isithunzi esifanele umuntu osekhululekile nongumtwana kaNkulunkulu.

Bekufanele sithinteke ngalona wesifazane, osehlukumezeke isikhathi eside kangaka, osondela kuJesu iliZwi elithi : « Waguqa phansi phambi kukaJesu wamtshela iqiniso lonke ». Ake umbone ngamehlo engqondo ulalele umama oxakekile ebika indaba yakhe :
«Nkosi, bengishadile nomyeni wami iminyaka eminingi, sabusiswa ngomntwana womfana nentombazane. Kuleminyaka eyishumi nambili  izinto zingishintshele, sengithwale ngokungaphezu kwamandla ami, ngiyagula ngisezinsukwini zami imini nobusuku. Amandla aphelile, angisayiphathi eyemali ngiphuma ngingena kodokotela okungekho namunye ongisizile okunalokho ukufa kuyangidla. Mhlasimbe ukugula bengingakuthwala kodwa kunzima kakhulu uma usuphenduke inhlekisa kubantu, ubizwa ngesoni nomuntu ongcolileyo. Ngisho nomyeni wami usengihlamukile kumanje ngiyikheswa nenhlekisa kubantu. Angisayiphathi eyabazalwane bami kanye nabaphathi benkonzo ngitshelwa emehlweni ukuthi angivunyelwe ukungena eSontweni ngoba angihlanzekile. Angikwazi kwakubingelela umuntu endleleni, ukuthinta ingane kamakhelwane, kwabangene bami sebangihlamuka. Ngilikheswa ngifana nofileyo ngibe ngiphila »

UJesu uyamphendula uthi : « Shalom » – hamba ngobuhle/ ukuthula makukwengame ekuhambeni kwakho kube kuwe. Ngomzuzwana uJesu uyamkhulula exosha idimoni lenkolelo-ze yokuhlanzeka nokungahlanzeki. Ngoba siyabathwalisa abantu imithwalo engathwaleki size ibaphe amagama ngoba benezici ezithile empilweni yabo abanye size sibabandlulule  sibalahlele ngaphandle okwenyongo yenyathi.

Lomama wayekholelwa ekutheni kukhona umehluko ozobakhona kuye uma ethinta uJesu. Ukuthinta phela kusho ukuxhumana futhi kusho ukwazana nalowo enithintana naye. Lomama wayazi ukuthi uthinta uJesu, usethinte omunye, ongale kwabantu basezweni, hhayi izinyanga adlule kuzo zangamsiza, hayi isithandwa sakhe seminyaka esesimlahlile ngenxa yokugula kwakhe, hhayi umfundisi obona isoni nesishaywa esithola okusifanele, kodwa uNkulunkulu uqobo athe ngokumthinta, wamthinta wayesekhululeka. Ekukhululekeni kwakhe kwabaleka ukufa kwabaleka amadimoni, kwaphela ukuzenyeza, wazibona efana nabantu bonke. Wakhonza uNkulunkulu ongakhethi bala lamuntu okhululayo, ongasibekeli ngigoqwane yalutho ofuna izinhliziyo kuphela.

Nkosi kuyenzeka ukuba sisize abanye abantu thina sibe singazi ukuthi sibasizile, ngamazwi esiwakhuluma kubao kumbe ngezenzo zethu, nabo bathinteke. Senze sifane noJesu iNkodana yakho ekudluliseni lombiko wothando lapho sikhuluma sibakhuthaza ezinkingeni zabo. Sibenze baqonde ukuthi ukholo lwabo olubabuyisele impilo nenkululeko nokuthula kwangaphakathi. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.