ISONTO LAMASUNDU UNYAKA B

ISONTO LAMASUNDU UNYAKA B
Markus14:1 – 15 : 47

Baba siyabonga ngesipho esiyiZwi lakho eliyiNgcwele. Yenza ukuba sibe yilambu lezinyawo zethu, ukukhanya kwezindlela zethu, injabulo yezinhliziyo zzethu namandla ezimpilweni zethu. Amen.

xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx

Ukufa kukaJesu yisona sehlakalo esake saba sibi kakhulu empilweni yabafundi nakulabo nje ababesondelene kakhulu noJesu, kanye nomphakathi wonkana owabona lensambatheka. Yingakho sithola uMarkus ehluleka ngisho ukuchaza isihluku uJesu asithola. Yisimo lesi ayehluleka ngisho ukusilanda noma ngubani futhi okwakungaba satshe kuye ukusizwisisa kahle. Indoda ibambelela ekhanda, igobodise, izelule uze uyizwe isisho nangengila imbala. Yingakho-ke sithola ukuthi kwathatha isikhathi eside kangakanani ukuba lendaba ibhaleke.

Ake singene kulo iVangeli. Siyathola ukuthi igama “-nqamleza” liphindaphindeke cishe kasikhombisa, unya nesihluku kona kubalwe ngezindlela ezahlukene, “-ambhinqa, amfela ngamathe, amshaya, akhuleka kuye: bayede nkosi yamaJuda, zisindise, ukukhunyulwa izingubo…” Lapha uJesu akasonto yalutho. Uphathwe bugadalala, akukho namunye onomunyu ngaye. Ngisho nabadlula ngendlela akukho namunye odabukayo ngaye bonke bayamjivaza. Ngubani-ke manje ongaba ngumduduzi wakhe? Lapho sekushabalele amathemba, mhlasimbe nabazwelana naye nalabo imbala abajabulayo sebethule.

“Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora esishiyagalolunye. Kwathi ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami , ungishiyeleni na” (Isihl. 22:1).
Yilapho-ke uMarkus ethi esesidwebile lesithombe seminyaka bonke behluleka ukusibekezelela naye futhi ngokwakhe efuna ubukhona bukaNkulunkulu kubobonke lobuhlungu, engikholwayo ukuthi kumthathe isikhathi eside ukumelana nalobu bunzima. Lapho ngiwela ulwandle, luvus’ ulaka lwalo, ungikhumbule Nkosi yami”

Eloi, Eloi, lamma sabakthani – Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
UJesu uzwakala eqhuma phezulu ekhuleka. Phela uNKulunkulu ukhona nasezimweni ezisiqeda ithemba. Kuyenzeka ukuthi uthole emzini owodwa kugula abantu cishe abathathu noma abane ngesikhathi esisodwa. Kungabibikho onakekela omunye. Loyo obukelayo aze azibuze ukuthi kungabe uNkulunkulu usabalalela yini umakunje? Kungabe kungenxa yezono zabo yini? Ngubani ophendule umsamo waphehla amanzi amnyama?
Phela ukukhala kuNkulunkulu kusifanele, yingakho-ke uJesu ngalesi siHlabelelo ethi kithi, ngasizikhalela kuJehova imini nobusuku sizwakalise ilaka lethu kuye imini nobusuku ngokuba uyasizwa.

“Ngokuba uJehova akadelelanga , akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.” (Isihl.22:24)
Khumbula-ke ukuthi lapha sibekelwa umkhuleko wempilo yemihla ngemihla lapho lendaba yokuhlupheka kukaJesu ipheleliswa ngaleliHubo elingumkhuleko wethemba, umkhuleko wokwazi ukuthi uNkulunkulu nguye iThemba lethu. Okuthi ngokubekezela nangokuthembeka entandweni kaNkulunkulu nasobizweni lwethu abantu bambone uNkulunkulu. Uma singahlehla kancane sizokhumbula ukuthi imimoya emibi yamazi uJesu (Mk.5:6-7), kanjalo namanje kusezwakala iqaba, elithe ngokubuka lesi sehlakalo laqonda ukuthi lo ngolungileyo: “Impela lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu” (Mk.15:39). Ngempela labo ababukayo bayoba ngofakazi abayibo bempilo yethu nangendlela esihambe ngayo.

Nkulunkulu Somandla Simakade, wena owenza ukuba uMsindisi wethu abe ngumuntu njengathi, wabe esevuma ukunqanyulezwa wenzela ukuba asibonise isintu isibonelo sokuzithoba senzise okwakhe. Ake uvume ukuba senzise okwakhe. Ake uvume ngomusa ukuba sibekezele njengaye, khona sizokwabelwa ekuvukeni kwakhe. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.