ISONTO LAMASHUMI AMABILI NESISHIYAGALOLUNYE

ISONTO LAMASHUMI AMABILI NESISHIYAGALOLUNYE

B
MARKUS 10: 35 – 45

Baba, wamupha uJerome beno Paula abacwebileyo ukuba bathande ukufunda imibhalo eyingcwele. Sengathi iZwi lakho lingaba ngumfula wosindiso kanye nomthombo wempilo lowo osithembise wona, ngoJesu Kristo iNkosi yethu. Amen.
Ake ngikumeme ukuba kewuthi ukufunda leliVangeli.

“Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane amadodana kaZebedewu bathi kuJesu: Mfundisi siyathanda ukuba usenzele lokhu esikucelayo kuwe. Wathi kubo: Nicelani na? Bathi: Yisho ukuba sihlale omunye ngakwesokunene, nakwesokhohlo sakho embusweni wakho. U-Jesu wathi kubo: Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina na? Nibhabhadiswe ngombhabhadiso mina engibhabhadiswa ngawo na? Bathi kuye: Yebo singakwenza…”

Sibhekene nenkinga lapha, okungumbango wendawo ephambili embusweni. Phela sizokhumbula ukuthi imibuso yasemhlabeni inababusi kanye nezinsila zabo okuyizo ezihlala zingungu umbusi. U-Jesu ekushumayeleni kwakhe ngombuso kaNkulunkulu, abafundi babekholwa wukuthi kuyakuthi lapho uJesu esethatha ubukhosi njengoba phela beqonda ukuthi nguye ozakusindisa akhulule uIsrayeli kuleli aphinde futhi abuse nakwelizayo. Abangani abayifundaka ukuthi loKristo abamlandelayo ngozothwala ukuhlupheka afe esiphambanweni. Nkosi yisho ukuba sihlale ngakwesokunene sakho. Indaba isekuhlaleni. Izinsizwa zakwabo ungathi ziyakhumbula ukuthi ngenkathi uJesu eguquka esinye isimo entabeni zazikade zingabakhethiweyo ukuba zibone lesi simanga nakuba sekuvuka ukukhetha ngoba phela zazintathu lapho (Mk. 9:2 – 13), nangamhla kuvuswa indodakazi kaJayiru eyabe ifile kwakuyiwo lamadoda amathathu uJesu angena nawo lapho kuzokwenziwa isimangaliso (Mk. 5: 37); kodwa manje zizicelela zona zombili uPetro zimshiya ngaphandle.

Kungenzeka ukuba phela lezi zinsizwa ezimbili, zakubona lokhu njenganelungelo lazo ukuba zizibekisele indawo ephambili lapha nakwelizayo. Nokhokho uJesu ebaphendula uthi: ningabhabhadiswa ngombhabhadiso engizakudlula kuwe, nibuthwale bonke ubunzima mina Nkosi yenu engizakudlula kubo nokho ukuninika umbuso akusikho okwami, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe (Mk.10:40) Phela ikhona inkinga yokuthi ngithi ngifanelekile kanti angizange ngaba ngofanelekile kuNkulunkulu. Ngiyenze yonke imisebenzi emihle efanele ukuba umuntu ayenze nami ngize ngizibone impela ukuthi izulu ngiyalisebenzela kwasho iculo elithi: Izulu liyasetshenzelwa” kanti konke bengikwenzela udumo lwasemhlabeni. Phela umbuso kaNkulunkulu uyisipho uNkulunkulu asiphe sona ngokuthanda nangomusa waKhe, hayi ngokulunga kumbe ngemisebenzi esiyenzile.

Umbuso kaNkulunkulu asiwutholi ngokuzifunela izindawo eziphambili kumbe ngebukhulu bezikhundla esinazo, kodwa ofuna ukuba mkhulu embusweni wezulu kufanele abe yisikhonzi njengalokhu “iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kodwa ukukhonza nokudela ukuphila kwayo kube ngukuhlengwa kwabaningi” (Mk.10:45). Ivangelike bafowethu liyasikhumbuza ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sibe ngabathobileyo abamnene abantu abazibeke phansi bavumele ukuba ngabakhonzi bengalindele nzuzo okuyikho uJesu azama ukukhanyisela abafundi bakhe ukuthi kubaluleke kangakanani ukuze sibe seduzane noNkulunkulu. Kanti kwayona impilo nje ifuna abantu abathobekileyo abazibeka phansi ukuze umuntu afinyelele empumelelweni.

Sengathi umusa nothando lukaNKulunkulu uSokulunga lungahlala nani njalo nigcwele umusa, ubunene, nokuthobeka, nihlanganyela esithebeni sesidlo esiyingcwele eButhathwini obucwebileyo. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.