ISONTO LAMASHUMI AMABILI NESIHLANU LONYAKA

ISONTO LAMASHUMI AMABILI NESIHLANU LONYAKA

B
MARKUS 9: 30 – 37

Baba siyabong aukuthi uyasilinda kuze kube yilapho thina ngokwethu sesikulungele ukukwamukela. Sesilungele ukuba iZwi lakho lingene kithi. Siqondise ezwini lakho lapho ukkhuluma kithi, senze sikuzwe ekuthuleni kwakho, lapho usilethela iNdodana yakho uJesu Kristo – iZwi loxolo lwakho. Amen.

Emva kokuba uJesu eguquke esinye isimo phambi kwabafundi bakhe abathathu, manje usese ndleleni kanye nabafundi bakhe ulubhekise e Khaphanawume esuka eSezariya Filiphi. Lapha uJesu unenhloso eyodwa: Ukufundisa abafundi bakhe. Okubuhlungu nokho ukuthi bona kungathi abekho kulomqondo ujesu ayenawo ngabo. Babonakala bona bephikisana  bodwa ngokuthi ngubani ngempela omkhulu phakathi kwabo.
Ake usibone ngamehlo engqondo lesithombe esakhekayo manje. U- Jesu usendleleni uyahamba futhi usethe qekelele kubo, abambadlwana baseduze kwakhe kodwa iningi lisele le, liza kancane. Lapho ingxoxo ishisa ibunzi, kuyaphikiswana ngobukhulu futhi lendaba ayipheli izothi ukudonsa impela.

Yini okungabe iyimbangela yalokhu kuphikisana kwabafundi? Sizokhumbula phela ukuthi ujesu ngenkathi ekhuphukela entabeni eba ngesinye isimo wayethathe uPetrus, noJakobe kanye noJohane. Kungenzekake ukuthi nabo babezibona bebalulekile kanti nalaba ababesele ngemumva base bebacasukela. Ilukhuni indaba yokukholwa ngoba kuphikiswana nje kade uJesu ebatshela ukuthi umelwe ukuhlupheka okuyiyona nto okufanele ibakhathaze. Kepha bona ingxaki isezikhundleni nasekubuseni. Phela kadeni wonke umuntu ufuna indawo ephambili embusweni bese sikhohlwa ukuthi lombuso uJesu azowumisa nesiwuthenjisiwe eZulwini ngowokuzibeka phansi.

“Beniphikisana ngani endleleni”. UJesu ebabuza. Zayima emthumeni ngoba phela ofeleba bayazi ukuthi kuyabangiswana lapha. Lombuso awuphangwa. Uma umuntu efuna ukuba ngomkhulu bekufanele abe yisikhonzi sabanye. Phela imvamisa siyazicabangela thina sizifunela okugcono namuhlake ukuze sithole okungcono kufanele sibe ngabanomnako nabanye, hayi ukuzicabangela. Phela nayo iNkosi yethu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukuzoba yisikhonzi sabo bonke. Kungabeke thina siyibo yini abakhonzi?
Kukhona abantu ebaphansi futhi esingabagqizi qakala lapha emphakathini wethu.

Singabalula nje abagula ngekhanda abagcwele emigwaqeni yethu, abangafundile kunathi kumbe abampofu.  Sinawo yini umnako nabo na? Lapho sesihlezi ezindaweni eziphambili uma bengathi bayangena singabamukela noma singabalindisa ngaphandle kwesango sibasongele isinkwa esomile bese sithi sibaphile abampofu isinkwa kanti vele bese sisilahla. “Owamukela omunye walaba abancane akemukeli mina nje kuphela kodwa wamukela lowo ongithumileyo”. Indaba phela unokwamukelana nokuhlalisana.
Sihlobo sami impilo epheleleyo nenokujabula isekuphilisaneni kungekhu ukubanga nokudonsana ngezihluthu. Sengathi ukuthula kuka Jesu Kristo iNkosi yoxolo kungahlala nathi njalo. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.