ISONTO LAMASHUMI AMABILI NANYE LONYAKA

ISONTO LAMASHUMI AMABILI NANYE LONYAKA

B
Johane 6: 60 -69

Baba, wena uyasilinda  kuze kube yileso sikhathi lapho sesivulelekile kuwe. Silomele iZwi lakho okuyilo eliyakusenza sibe ngabalamukelayo. Siqondise lapho ukhuluma, nalapho usekuthuleni kithi, ukuze sifinyelele eNdodaneni yakho uJesu Kristo- oyiZwi loXolo. Amen.

Sonke-ke lesi sikhathi ujesu ubelokhu eziveza kithi njenge:
…. Sinkwa esehle sivela ezulwini.
…. Sinkwa sokuphila.

Namuhlake izinyo ligaya ngomunye umhlathi ngoba manje sesizothola indlela abantu abaphendula ngayo kulomyalezo kaJesu. Uma siqhubeka nokufunda leliVangeli sizobona ukuthi kanti baningi kangakanani abantu ababengazimisele nakancane ukuba ukwamukela imfundiso kaJesu.

Ake uthathe ibhayibheli lakho ufunde: Johane 6 : 60 – 69
Ngiyakholwa ukuthi kwakuyisikhathi esinzima kuJesu lesi, ukuthola ukuthi kanti baningi kangakanani abantu ababephambene naye. Okwakuhamba phambili ngukuthi lemfundiso ilukhuni ayilaleleki. Nangaphezu kwalokho bese bekhetha ukumnyibela bamshiya ngamunye ngamunye bangabe besahamba naye.

Kuhleke ukuba sizibuz thina ukuthi yini lena eyayibadina enkulumweni kaJesu. Sizokhumbula phela ukuthi yonke into uJesu ayeyenza yabe ibhekeke ngeso lokhozi kubantu bonke ikakhulu izinkulumo zakhe kanye nezenzo zakhe. Kukhona ababethokoza ukumlalela kanti futhi iningi labe lingathokozi ngoba welinyathela amakhona. “Amazwi engiwakhuluma kini angumoya, ayaphilisa” (Jn.6:63). Ubengubanike yena angase asinike ukuphila , basala endleleni olibala.

Uma singase sithi ukuthi jeqe evangelini lika Markus, isahluko sokuqala sizokhumbula ukuthi umkhwekazi kaSimoni wathi esephilisiwe nguJesu emkhuhlaneni owawumphethe wavuka lapho wabakhonza ngoba waqonda ukuthi kuJesu kukhona ukuphila okupheleleyo (Mk. 1:31).

UJesu ngiyamthanda-ke manje ngoba uma ebona ukuthi abebemlandela sebemhlamukile phela ngoba bona bebebheke isinkwa esiphelela enyameni kodwa sebethola lenkulumo abangayiqondi ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo, usephendukela kulabo abangabafundi bakhe labo abaseduze naye: “konje nani nifuna ukuhamba na?” (Jn6:67). Phela akukho muntu ongasimze azithathele lesi sipho engasinikwanga ngaphezulu.UNkulunkulu nguye phela osilungisayo. Indoda-ke enguPetro ithi: “Nkosi ngasiya kubani na. Ngoba nguwe kuphela onamazwi aphilayo” (Jn6:68 – 69). Phela ziningi izinto ezisiqeda amathemba bese sizibona singafanelekile ukusondelana noNkulunkulu. Kuye kwenzeke ukuthi amaphutha omuntu abe sobala kangangoba wonke umuntu usemazi ubunqunu bakhe futhi usephenduke umzekeliso nesibonelo sokuqwashisa abantwana. Namhla ngicela wazi ukuthi nguJesu osamukela sonke. Abanye baze balibeke ngembaba ukuthi uhlobo oluthize lwabantu indawo yalo isesihogweni.Ngasiya kubani na? Akupho lapho sithola khona usindiso ngaphandle kukaJesu.

Make sithi sisondela esithebeni somusa – eMiseni eliyingcwele kumbeke nalapho wena ungena enkonzweni eyingcwele wena ongenayo iNkozo yesidlo ebandleni lakho usho lamazi kaPetro: Nkosi ngangiya kubani? Nguwe kuphela onamazwi okuphila kwaphakade. Lokhu ukusho ngeqiniso ngoba NGIYAKHOLWA.

Sihlobo sami masisho ngeqiniso ukuthi yebo Nkosi akukho lapho singabalekela khona ngoba kukuwe lapho sithola ukuphila, kukuwe lapha sisindiswa khona. Alikho elinye futhi esingasinda ngalo ngegama lakho Jesu kuguqa phansi konke, kutuse ubukhosi nobungqongqoshe bakho. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.