ISONTO LAMASHUMI AMATHATHU NANYE LENKATHI YONYAKA

ISONTO LAMASHUMI AMATHATHU NANYE LENKATHI YONYAKA – C
LUKHA 19: 1 – 10

Umkhuleko:
Yiba nathi Nkosi Jesu, usiphelekezele endleleni yethu. Ngesihawu sakho esikhulu vuthisa izinhliziyo zethu, usihlumelelise ithemba khona siyothi simunye nabazalwane bethu, sikubone emiBhalweni eyingcwele nasekuhlephuleni isinkwa. Amen.

*******************************************

E-Vangelini lethu namuhla sithola kunamaqembu amabili : ElikaJesu asendleleni nalo ezodlula eJerikho; elesibili ngumphakathi wasejerikho uZakewu engomunye walo. Amehlo ethu athe njo kulendoda yaseJerikho eqome ukugibela emthini ukuze akwazi ukubona uJesu. Abantu abanandaba nesenzo sakhe ngoba uyindoda eyaziwayo endaweni nakhu phela unguMthelisi. Nanguke uJesu eqhamuka  uzodabula lapha eJerikho, njengoba negama lisho ukuthi wayezodlula.Uma ebona isixuku esikhulu lapho ephakamisa amehlo akhe uzithela endodeni iphansi kwamahlamvu esihlahleni phezulu. U-Jesu njengendoda efuna ukwenza izinto ngokushesha uthi lapho embheka uthi: Shesha wehle ngoba namuhla ngizohlala nawe. Nayo lendoda enguZakewu ayisho ukuthi labantu  ngizodlula kanjani kubo: Kuthiwa wehla ngokushesha wabe esemamukela ngokujabula emzini wakhe.
Akusibo bonke abakuthokozela lokho. Baqala ukukhononda bathi: Bukani lo uhleli  uyadlaendlini yomuntu oyisoni” Phela abathelisi babaziwa njengabantu abayizoni ngoba kuthiwa babengabakhwabanisi bemali njengoba babengabaqoqi bentela.
Kaningi yikho esikwaziyo ngabantu sibe ngempela singenayo injula yeqiniso lonke ngaye. Umbuzo omkhulu ngowokuthi lokho esikushoyo nalokho umuntu asedume ngakho kuyiqiniso ngempela noma yithina esisuke sizembula ingubo ukuze ubuze bethu buvele obala na? Kaningike sikujwayele ukubasho abanye abantu ukuthi sibazi benjani. Ake silalele inkulumo kaZakewu:

“Nkosi ngikhipha ingxenye yombuso wami ngabela abampofu, khona kuyakuthi uma ngabe kukhona engimkhohlisile ngimbuyisele ngokuphidwe kane”.
Isikhathi esikhulu sima ezitobhini singagibele izimoto ezihambayo silokhu njalo sidudula abanye ukuba bagibele kumbe sibavimbe bangagibeli. “Naye lo uyindodana kaAbraham”. Kungazathithi uJesu uthi bhekani lo useyamukele insindiso eza ngokuzisola nokuvuma ukuthi kuze kube manje bekuyimi isela, umqambi manga nomkhohlise. Kodwa kusukela manje ngizelwe kabusha ngoba ngikhohlwa yikho konke okungasemumva sengibheke ukwambulwa kwempilo entsha. Abalungileyo basale bemile bekhomba uZakewu ehamba ngemoto esheshayo eya enkululekweni, okuyinsindiso uJesu asilethela yona uma nje sizivuma izono zethu ngokuzithoba futhi silungisa lapho sone khona.

Masizindle kakhulu ngenkonzo yokuzithoba, okungukubona ubuze bethu bese sikwazi ukukuvuma bese sicela intethelelo. Amen.

Tags: No tags

Comments are closed.